KUSINDA KWEHLELA ENDODENI– SJ Mchunu
UManyoba nguyena umlingiswa oqavile kule ndaba. Chaza ukuthi izingqinamba/izinkinga ayebhekana/ayehlangabezana nazo ziyithuthukisa kanjani indaba ize ifike kuvuthondaba.
Akuphi lawa madoda njengoba ekhuluma nje?
Yini eyenza lawa madoda afune ukuyofunda esikoleni sasebusuku? Bhala amaphuzu AMABILI.
Kungani ukuthi lona ofuna ukufunda acele abanye ayezohambisana nabo?
Lo okhulumayo ekuqaleni kwendaba uzitshela ukuthi kuzomthatha isikhathi esingakanani ukufunda ukubhala uma eqala ukufunda esikoleni sasebusuku?
Ngokwalesi siqeshana yini eyayikhuthaza uManyoba kakhulu ukuthi afunde ebusuku?
Kukhokhwa kanjani kulesi sikole?
Ukuvuma kwalezi ezinye izinsizwa ukuya kofunda ebusuku kwaliphumelelisa kanjani iphupho lalo owayexoxa.
Yini enika lawa madoda isiqiniseko sokuthi ukufunda ebusuku kwakuzoba impumelelo?
UManyoba waqala ukusebenza (eGoli, eMdlovana, eThekwini).
Igama likankosikazi kaManyoba kwakungu (Nomathemba, Ntombi, Mirriam)
Ngesikhathi uManyoba esebenza ePitoli wayehlala (ehostela eMamelodi, eSoweto, emjondolo).
U (Thulani, Fanyana, Sbongiseni) kwakuyigama lenye yamadodana kaManyoba.
Ngesikhathi esezothatha umhlalaphansi uManyoba wabuya wazosebenza ngasekhaya. Wathola umsebenzi (esikoleni, edeli, ehhotela).
Bhala izinto EZINE uManyoba azenza/azizuza ngesikhathi esasebenza
Ukuveteza
UManyoba wenza iphutha ngokungayifundisi indodakazi yakhe okwakungukuphela kwayo. Sekela lo mbono ngamaphuzu AMABILI
Ukuvumela phansi
UManyoba wayeyindoda eqotho eyakwazi ukuhlelela ikusasa lezingane zayo ukuze ziphile impilo engcono. Sekela lesi sitatimende.
Ngabe iqiniso noma umbono ukuthi ukweqa kukaManyoba epulazini kwamsiza? Sekela impendulo yakho.
Yisiphi isifundo osithole ngokufunda le ndaba?
UMSHADO– N Zulu
UBhekani ubhekene nezinkinga eziningi othandweni lwakhe noTholakele. Chaza ukuthi lezi zinkinga ziyikhulisa kanjani indaba ize ifike kuvuthondaba
Bakuphi oBhekani njengoba belindile nje?
Kwakungubani lo baba owayebuza ukuthi ilobolo lidliwe ngubani?
Ngubani owamukela ilobolo kubakhongi?
Zazibanjelwe kuphi izingxoxo zamalobolo?
Ukuzihudula
Ukuchwaza
Ukweswela umgodi wokucasha
Yini eyayenza ukuthi uBheki amfome izithukuthuku/ajuluke?
Ngamaphuzu AMATHATHU chaza ngobungani bukaTholakele noPamella.
Yini eyenza umalume kaBhekani angavumi ukuba ngumkhongi kaBhekani ngesikhathi ecelwa ukuba ayolobola uTholakele?
Bhala amaphupho AMABILI ubaba kaBhekani axhumana ngawo naye.
Kuningi okwakungajwayelekile ngendlela uTholakele alotsholwa ngayo. Bhala amaphuzu AMABILI
UTholakele wayedlala ngoBhekani engamthandi okwangempela. Sekela lesi sitatimente ngamaphuzu AMABILI
Ngabe iqiniso noma umbono ukuthi uBhatomu wayemane emesabisa nje uBhekani ngokuthi uzokwenza isiqiniseko sokuthi angakwazi ukushada noTholakele.
Ngokwakho ukucabanga yini eyenza oTholakele balibale kangaka ukufika esontweni?
.
ISIKO NELUNGELO– N Zulu
Kulo mdlalo uThenjiwe ubhekene nezinkinga eziningi. Chaza usuka kwisisusa sodweshu uveze ukuthi lezi zinkinga ziwukhulisa kanjani lo mdlalo uze ufike kuvuthondaba.
Ingabe uZungu uthi yiliphi leli siko umakoti athi akalazi?
UMaMbatha uthi uThenjiwe uvele ahambe bangamazi ukuthi uyephi. Wayeyephi okokuqala?
Uqonde ukuthini uMaMbatha uma ethi udadewabo kaThenjiwe ubengabaniki ithuba lokukhuluma?
UThenjiwe uvezwe njengomlingiswa onenkani. Sekela lesi sitatimende ngokwalesi siqeshana
Yiyiphi le mbudane yamalungelo ayekhuluma ngayo udadewabo kaThenjiwe?
Bhala izinto EZINTATHU ezaziphoqa uThenjiwe ukuthi agane/ashade uDumisane.
Isiphi isithembiso uZungu asinika uMondise mayelana nendaba kaThenjiwe?
Owabona uThenjiwe efaka ushevu etiyeni likaDumisani kwakungu
Umyeni kaThenjiwe owabulawa udlame kwakungu
USipho kwathiwa uyophuma ejele mhla
Udadewabo kaThenjiwe kwakungu
Ugogo kaThenjiwe
Ukuhlawula
Ukuvuka inja ebomvu
Ubaba kaThenjiwe uMondise uthi indodakazi yakhe ayihloniphi. Ngabe uyavumelana noma uyaphikisana nalo mbono. Sekela impendulo yakho ngamaphuzu AMABILI.
Yini okufanele ayenze uThenjiwe ukuze kuxazululeke inkinga ebhekene nomndeni wakwaMondise?
Ngamaphuzu AMABILI chaza ukuthi lo mdlalo uphathelene kanjani namasiko.
Ngokwale ndaba isiko lokungenwa alikhethi/alibheki iminyaka yabantu. Sekela lesi sitatimende
Qhathanisa inkolelo (belief) kaMaMbatha noNondumiso mayelana nesiko namalungelo
Ngabe iqiniso noma umbono ukuthi abazali bakaThenjiwe banikela ngaye kwabakwaZungu? Sekela impendulo yakho.
ABABULALI BENYATHI– RM Mngadi
Kulo mdlalo ikhansela uDuma ubhekene nezinkinga eziningi. Chaza usuka kwisisusa sodweshu uveze ukuthi lezi zinkinga ziwukhulisa kanjani lo mdlalo uze ufike kuvuthondaba
UDuma
UDlamini
UMbandlwa
Ingabe uDuma nenkosi baxatshaniswa yini?
Yini eyenziwa umbuso wentando yeningi ngokwenkosi uShandu?
Tomula igama elisho 'ukubulala' elisetshenziswe uDlamini elisesiqeshini.
Elani leli cala elibhekene noDlamini?
Ukuthelelana amanzi
Ukuqhatha
Ukudingisa
UMaShezi wayengunkosikazi ongayihloniphi indoda yakhe. Nika amaphuzu AMABILI ukusekela lo mbono.
UMbandlwa nguyena owayeshoshozela uDuma ukuthi adelele inkosi. Sekela lo mbono ngamaphuzu AMABILI
Bhala amaphuzu AMATHATHU ngokwalo mdlalo akhombisa/afakazela ukuthi: Kule ndawo akukho ukuthula nabantu bakhona bahlale bexabana.
Phawula ngengwijikhwebu etholakala kulo mdlalo. Bhala amaphuzu AMATHATHU.
Yini eyenza uDuma azibone emkhulu kunenkosi angafuni ukuyithobela? Bhala amaphuzu AMABILI.
Ngabe iqiniso noma umbono ukuthi uDuma wayeyindoda engahloniphi. Sekela impendulo yakho
LAPHO KUKHONA UTHANDO – NE Mbesa
USebenzile uvezwe njengomlingiswa oqavile futhi onothando lwangempela. Chaza ngezigameko/izenzeko ahlangabezane nazo ukuthi ziyithuthukisa kanjani indaba ekwethuleni umyalezo
Caphuna igama esiqeshini elichaza ukuthi uKaMaseko usayoshaywa umoya edolobheni.
Caphuna umusho ositshela ukuthi umuzi kaJiyane wawusemaphandleni.
Kungani uKaMaseko wayethanda indawo yaselokishini? Bhala amaphuzu AMABILI.
Bhala OKUTHATHU okwakwenza uKaMaseko athande ukuvakashela edolobheni
Ngokucabanga kwakho wayeziphethe kanjani uDombi?
Ingabe uKaMaseko wayewuthanda umuzi awakhelwe umyeni wakhe? Sekela impendulo yakho
Ukuhlehlela nyovana
Ukumomotheka
Asebemazinyo qinile
Chaza ukuthi wawungakanani umuzi kaKaMaseko.
Yini uKaMaseko ayencenga uJiyane ukuthi ayenze?
Kungani amaphoyisa adubula isondo lemoto eyayigibeze uKaMaseko?
Chaza izinto EZIMBILI ezenzeka emuva kokudutshulwa kwale moto.
Yini eyayenza ukuthi umyeni kaKaMaseko angafuni ukumxolela emva kokulimala kwakhe?
Bhala isifundo ositholile kule ndaba.
Hlobo luni lwenkondlo lolu?
Caphuna umusho estanzeni sesibili okhombisa ukuthi ngumuntu wesifazane ophaka le mpi.
Bhala umuntu oyedwa owanqotshwa/owahlulwa yimpi kaNozidumo.
Igama elithi 'ezilele' lisho:
Izwi elinonya lisho:
Ukudidiyela kusho:
Sifenqo sini esiqukethwe yilo musho olandelayo:
Kwagxabhazela izisu emadodeni.
Ukuyiphaka
Ukugxabhazela isisu
Ukuphuma ekamabuyaze
Chaza ukuthi igama uNozidumo lihambisana kanjani nokwenzeka enkondlweni.
Ngokucabanga kwakho imbongi iqonde/isho ukuthini uma ithi:
Yadla mfazi yadla ndoda kuSadamu.
Ngokwale nkondlo ngabanjani abantu abazondwa ngumhlaba? Bhala OKUBILI
Caphuna izenzukuthi EZIMBILI ezitholakala kule nkondlo.
Khetha impendulo efanele kubakaki:
Osemuva limshwibe .............. limbeke phambili.
Ngokwembongi abantu abathanda ukubukwa bagcina sebenjani kulo mhlaba?
Shono uhlobo lokuxhumana olutholakala emgqeni we-17 kuya kowe-18.
Ubumpigogo
Onontandakubukwa
Ngentobeko
Phawula ukuthi isihloko sale nkondlo sikhuthaza kanjani indlela abantu okufanele baziphathe ngayo.
Ngokucabanga kwakho imbongi isho ukuthini uma ithi:
'Umhlaba ungumhlaba ngokuhlaba'
Shono uhlobo lwemvumelwano olutholakala endimeni yesithathu unike nesibonelo.
Tomula impindwa etholakala kule nkondlo.
Nanxa ngikhandleka
Igama elithi 'imbewu' lisho:
Igama elithi 'iziphambeko zakho' lisho:
Shono uhlobo lokuxhumana endimeni yesine.
Imbongi ichaza ukuthini uma ithi:
'Ngihloniphe omdala nomncane
Ukuze ngitshal' imbewu.'
Phawula ngomqondo osobala wale nkondlo ubhekise kusigaba sokugcina. Bhala amaphuzu AMABILI.
Ngokubona kwakho imbongi ithi ifuna ukuba njani kubazali bayo?
Ingabe uyavumelana nombono othi:
Uma ungumuntu oqotho uba yisibonelo esihle ezweni ohlala kulona? Sekela impendulo yakho ngokusenkondlweni
Estanzeni sokuqala tomula umugqa ofakazela ukuthi lobu bungani bungehlukaniswe muntu.
Amakloba omlilo kusho:
Ukungena phakathi kwezithandani kungumqansa
Bhala OKUTHATHU njengoba kuvezwe enkondlweni obekuyimfihlo yembongi ngalobu bungani enabo.
Estanzeni sokuqala khipha imisho enokuxhumana sigcino.
Kungani kungelula ukubhidliza lobu bungani?
Ngikubuke ngakugqolozela
Sebeyidlanzana ohamba nabo
Ngokucabanga kwakho yimuphi lo mngane imbongi efika naye esicongweni.
Ingabe uyavumelana nembongi lapho ithi: 'uma uhlangabezana nobunzima abangani bayancipha. Sekela impendulo yakho ngamaphuzu AMABILI.