NSC exam, IsiZulu (FAL) P3, Novemba 2013
Assignment Type: Revision Paper
Total Marks: Unmarked
IMIYALELO KWABAHLOLWAYO . - 1. Leli phepha lehlukaniswe IZIQEPHU EZINTATHU:
ISIQEPHU A: Indaba (50)
ISIQEPHU B: Imibhalo emide edlulisa imiyalezo (30)
ISIQEPHU C: Imibhalo emifishane edlulisa imiyalezo (20) Abahlolwayo kulindeleke ukuba baphendule umbuzo OWODWA
ESIQESHINI A, OWODWA
ESIQESHINI B kanye noWODWA
ESIQESHINI C.
1. ISIQEPHU A: INDABA - Khetha isihloko ESISODWA kwezilandelayo ubhale ngaso indaba ibe ngamagama ayi-190 kuya kwangama-240 (Ubude bungalinganiselwa ekhasini eli-1 ½ kuya kwama-2).

QAPHELA: Bhala uhlaka lwendaba yakho lube sekhasini lwalo lodwa.
Marks: 250
Attached Section Resource:
bbce2e0c-77ea-42f3-ada7-41eaaeb004ab.jpg
Question 1:

Lolu Usuku Engingasoze Ngalukhohlwa. Bhala indaba ngalesi sihloko.

Your Answer:
Question 2:

Usaziwayo/Osaziwayo Abayizibonelo Ezinhle. Bhala indaba ngalesi sihloko.

Your Answer:
Question 3:

Kunokukhathazeka ngokuthi ngobani abazoba ngabaholi bakusasa. Intsha
yanamuhla isebenzisa izidakamizwa kakhulu, ibulawa yizifo futhi ayinandaba
nemfundo. Bhala indaba ngesihloko esithi:
'Ngobani Abazoba Ngabaholi Bakusasa?'

Your Answer:
Question 4:

Iningi labantu liyakhohlwa ukuthi amalungelo elinawo ahambisana
nemisebenzi/izinto okufanele bazenze. Bhala indaba ngesihloko esithi:
'Ukungasetshenziswa Ngendlela Efanele Kwamalungelo.'

Your Answer:
Question 5:

Ukubekezela. Bhala indaba uveze ukuthi ukubekezela kuyishintshe kanjani
impilo yakho.

Your Answer:
Umbuzo 1.6 - Phendula lemibuzo ilandelayo.
1. - Bukisisa lezi zithombe ezilandelayo bese ukhetha ESISODWA ubhale ngaso indaba. Nika indaba yakho isihloko.
Marks: 150
Question 1:

Bukisisa lesi sithombe ezilandelayo bese ukhetha ESISODWA ubhale ngaso indaba.

Attached Resource:
a257c470-dcdd-4673-8c8f-29d2e741b829.jpg
Your Answer:
Question 2:

Bukisisa lesi sithombe ezilandelayo bese ukhetha ESISODWA ubhale ngaso indaba.

Attached Resource:
db0b4081-bca7-435d-a778-b4a403a4f79f.jpg
Your Answer:
Question 3:

Bukisisa lesi sithombe ezilandelayo bese ukhetha ESISODWA ubhale ngaso indaba.

Attached Resource:
047e2ab3-c54e-4524-905a-2dff444f17b3.jpg
Your Answer:
2. ISIQEPHU B: - IMIBHALO EMIDE EDLULISA IMIYALEZO
UMBUZO 2. - Khetha isihloko ESISODWA ubhale ngaso kube ngamagama angama-80 kuya kwayi-100.
Marks: 120
Attached Section Resource:
35736968-79da-4559-aab7-29b152528109.jpg
Question 1:

Incwadi Yomsebenzi:

Buka isikhangiso esilandelayo bese ubhala incwadi yesicelo somsebenzi
ulandele imininingwane ekusona.

Attached Resource:
5bd6e598-08e6-4609-9089-e8233f41334e.jpg
Your Answer:
Question 2:

Umlando kamufi:

Umngane wakho ebenifunda naye ushone engozini yetekisi. Umndeni wakhe
ubone ukuthi nguwena ongabhala umlando wakhe ozofundwa enkonzweni
yomngcwabo. Bhala umlando wakhe

Your Answer:
Question 3:

Ingxoxo:

Bhala ingxoxo ephakathi kwabafundi ababili abaphase ibanga le-12
abanenkinga yokuthi abazange bafake izicelo (applications) zezikhala
ezikhungweni zemfundo ephakeme (Tertiary Institutions) ngonyaka odlule.
Abazi ukuthi bazokwenzani uma kuqala unyaka

Your Answer:
Question 4:

Umbiko:

Ngesikhathi nifunda eklasini nibone kuvuleka umnyango kwangena amadoda
amabili ezimboze ubuso ephethe izibhamu. Akhomba uthisha kanye
nabafundi, athatha omakhalekhukhwini nokunye. Bhala umbiko
ozosetshenziswa ngamaphoyisa ukuphenya lolu daba

Your Answer:
3. ISIQEPHU C: - IMIBHALO EMIFISHANE EDLULISA IMIYALEZO. Khetha isihloko ESISODWA ubhale ngaso kube ngamagama angama-60 kuya kwangama-80.
Marks: 60
Attached Section Resource:
87b8e079-b764-4c6b-a6a1-3ddbd4322f2b.jpg
Question 1:

Isimemo:

Udadewenu uzoshada ngenyanga ezayo. Bhala ikhadi lesimemo
elizosetshenziswa ukumema abangani nezihlobo.

Your Answer:
Question 2:

Iphoskhadi:

Uhambe nabangane bakho navakashela esiqiwini sezilwane. Bhalela umzala
wakho iphoskhadi umtshele ngobuhle basesiqiwini.

Your Answer:
Question 3:

Idayari:

Uthole ithuba lokuchitha isonto lonke enkampanini eyenza umsebenzi ofisa
ukuwufundela uma usuphase umatikuletsheni. Bhala idayari uveze izinto
ezehlukene ozobe uzenza kule nkampani kusukela ngoMsombuluko kuze
kube uLwesihlanu.

Your Answer:
© 2025, Obami Networks  |  Live